Isambulo 2:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi:“Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:

2. Ngiyayazi imisebenzi yakho, nemizamo yakho, nokubekezela kwakho, nokuthi kawunakubamela ababi; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

3. unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga.

4. “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;

5. ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.

Isambulo 2