Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi:“Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.