Isambulo 19:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi:INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI

17. Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu

18. ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”

19. Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe.

Isambulo 19