Isambulo 17:10-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. ayisihlanu asewile, enye ikhona, enye ayikafiki; nanxa isifikile, kumelwe ukuba ihlale isikhashana.

11. Nesilo esasikhona, kepha esingasekho, singesesishiyagalombili, sikuwo ayisikhombisa, siya ekubhujisweni.

12. “Izimpondo eziyishumi owazibonayo zingamakhosi ayishumi angakamukeli umbuso, kepha amukeliswa amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.

13. Lawo anomqondo munye, anika isilo amandla nokubusa kwawo.

14. Ayakulwa neWundlu, neWundlu liyakuwanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi, nabakanye nalo, ababiziweyo, nabakhethiweyo, nabathembekileyo.”

15. Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.

16. Izimpondo eziyishumi owazibonayo, nesilo, lezi ziyakusizonda isifebe, zisenze incithakalo, sibe yize, zidle inyama yaso, zisishise ngomlilo, zisiqede;

17. ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.

18. Owesifazane owambonayo ungumuzi omkhulu onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.”

Isambulo 17