2. Eyokuqala yaya-ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso.
3. Neyesibili yathululela isitsha sayo elwandle; lwase luba yigazi elinjengelofileyo, nakho konke okuzwayo okuphila elwandle kwafa.
4. Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba yigazi.
5. Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho,
6. ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”
7. Ngase ngizwa i-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke, ziqinisile, zilungile izahlulelo zakho.”
8. Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.
9. Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.
10. Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,
11. futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.
12. Eyesithupha yathululela isitsha sayo emfuleni omkhulu u-Ewufrathe; kwase kusha amanzi awo, ukuze indlela ilungiselwe amakhosi avela empumalanga.
13. Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa;
14. ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
15. Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.