Isambulo 15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Izingelosi eziyisikhombisa nezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina

1. Ngase ngibona esinye isibonakaliso ezulwini esikhulu nesimangalisayo: izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, ngokuba kwapheleliswa ngazo ulaka lukaNkulunkulu.

2. Ngabona kungathi ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo, nabavela ekunqobeni isilo nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngaselwandle lwengilazi, benamahabhu* kaNkulunkulu.

3. Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi:“Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho,Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke;zilungile, ziqinisile izindlela zakhowena Nkosi yezizwe;

4. ngubani ongayikwesaba, Nkosi,adumise igama lakho, na?Ngokuba wena wedwa ungcwele,nezizwe zonke ziyakuzazikhuleke phambi kwakho,ngokuba izenzo zakho zokulungazibonakalisiwe.”

5. Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini,

6. kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande* egolide.

7. Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide, zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.

8. Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.