13. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi.”“Yebo,” usho uMoya, “ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
14. Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.
15. Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.”
16. Ohlezi phezu kwefu wayeseliphonsa isikela emhlabeni; wawusuvunwa umhlaba.
17. Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini elisezulwini, nayo inesikela elibukhali.
18. Nenye ingelosi futhi yaphuma e-altare, inamandla phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuyo ebinesikela elibukhali, ithi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba, ngokuba izithelo zomvini zivuthiwe.”
19. Ingelosi yayisiliphonsa isikela layo emhlabeni, yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.
20. Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, liqeda amastadiyu* ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.