1. Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.
2. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, linjengezwi lamanzi amaningi nanjengezwi lokuduma okukhulu; nezwi engalizwayo lalinjengelababetha amahabhu,* bebetha amahabhu abo.
3. Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.
4. Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,