Isambulo 13:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngase ngibona isilo sikhuphuka elwandle, sinezimpondo eziyishumi namakhanda ayisikhombisa, nasezimpondweni zaso kukhona imiqhele eyishumi nasemakhanda aso kukhona amagama enhlamba.

2. Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.

3. Elinye lamakhanda aso kungathi lalidebezwe okokufa, kepha ingozi yaso yokufa yelashwa, umhlaba wonke walandela isilo, umangala;

Isambulo 13