Isambulo 1:5-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe

6. nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

7. Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

8. “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”

9. Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.

10. NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,

11. lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”

12. Ngaphenduka ukuba ngibone izwi ebelikhuluma nami; kuthe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide,

13. nofana nendodana yomuntu ephakathi kwezinti zezibani, embethe ingubo ekhawula ezinyaweni, ezibophe ngebhande* legolide ezibeleni;

14. futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu, njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo,

15. nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;

16. futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.

17. Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,

18. nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.

19. “Ngakho-ke loba okubonileyo, nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho.

20. Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.

Isambulo 1