11. Maye kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKayini, bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora!
12. Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani, bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi, aqhutshwa yimimoya; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe;
13. bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.
14. U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,