6. Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”
7. Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;
8. sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
9. Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.
10. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
11. Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.
12. Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
13. Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”
14. anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
15. Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”