Ekajakobe 4:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,”

14. anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.

15. Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.”

16. Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.

17. Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.

Ekajakobe 4