1. Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.
2. Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
3. Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo.
4. Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona.
5. Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;
6. nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela ukuphila konke, luthungelwa yisihogo.
7. Ngokuba yonke imvelo yezilwane, neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu;