Ekajakobe 2:8-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;

9. kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.

10. Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.

11. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.

12. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

13. Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

14. Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?

15. Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla,

16. kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?

17. Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

Ekajakobe 2