Ekajakobe 2:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?

7. Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?

8. Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;

9. kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.

10. Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.

11. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.

12. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

Ekajakobe 2