6. Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?
7. Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?
8. Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;
9. kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
10. Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.
11. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.
12. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.