Ekajakobe 2:4-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?

5. Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?

6. Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?

7. Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?

8. Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;

9. kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.

10. Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.

11. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.

12. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

13. Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

14. Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?

Ekajakobe 2