Ekajakobe 2:20-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?

21. U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?

22. Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,

23. kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.

24. Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela.

Ekajakobe 2