Amahubo 97:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. ISiyoni liyezwa, liyajabula;ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.

9. Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke,uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.

10. Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;uyabasindisa ezandleni zababi.

11. Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

12. Jabulani kuJehova nina balungileyo,nibonge igama lakhe elingcwele.

Amahubo 97