8. ISiyoni liyezwa, liyajabula;ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova.
9. Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke,uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke.
10. Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;uyabasindisa ezandleni zababi.
11. Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.