1. UJehova uyinkosi;umhlaba mawethabe,zijabule iziqhingi eziningi.
2. Amafu nobumnyama kuyamphahla;ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.
3. Umlilo uyahamba phambi kwakhe,udla izitha zakhe nxazonke.
4. Imibani yakhe ikhanyisa izwe;umhlaba uyakubona, uthuthumele.
5. Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova,phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6. Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe;izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe.
7. Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo,abazigabisa ngezithombe.Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.