2. Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
3. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
4. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
5. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.
6. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
7. Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
8. Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,ningene emagcekeni akhe.
9. Khulekani kuJehova,nihlobe ubungcwele;thuthumela ebusweni bakhe,mhlaba wonke.
10. Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,”izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa;uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.
11. Malijabule izulu, umhlaba uthokoze;maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo.
12. Mawename amasimu nakho konke okukuwo,ijabule imithi yonke yehlathi
13. ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza,yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba;uyakwahlulela izwe ngokulunga,nezizwe ngokuthembeka kwakhe.