Amahubo 94:5-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,nefa lakho balinyathela phansi.

6. Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,nezintandane bayazibulala.

7. Bathi: “UJehova akaboni,uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8. Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;nani ziwula, niyakuqonda nini na?

9. Owenza indlebe kanakuzwa na?Owadala iso kanakubona na?

10. Othethisa abezizwe,yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

11. UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.

12. Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo,omfundisayo ngomthetho wakho,

13. wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi,aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.

14. Ngokuba uJehova akayikulahla abantu bakhe,nefa lakhe akayikulishiya.

15. Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni,bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.

16. Ngubani oyakungimela phambi kwababi na?Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?

17. Uma uJehova ebengesilo usizo lwami,umphefumulo wami ubuyakushesha ukuhlala ekuthuleni kokufa.

Amahubo 94