Amahubo 94:2-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Phakama, Mahluleli womhlaba,uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

3. Jehova, koze kube nini ababi,koze kube nini ababi bethaba na?

4. Bayampompoza,bakhuluma amagangangozi;bayazidla bonke abenza okubi.

5. Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,nefa lakho balinyathela phansi.

6. Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,nezintandane bayazibulala.

7. Bathi: “UJehova akaboni,uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8. Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;nani ziwula, niyakuqonda nini na?

Amahubo 94