Amahubo 94:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yamiukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

20. Isihlalo sobubi singahlanganyela nawe yini,leso esisebenza okubi kungathi ngomthetho na?

21. Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo;igazi elingenacala bayalilahla.

22. Kepha uJehova waba yinqaba yami,uNkulunkulu wami waba yiwa engiphephela kulo.

23. Uyaphindisela kubo ukushinga kwabo,abaqede ngobubi babo;uJehova uNkulunkulu wethu uyakubaqeda.

Amahubo 94