1. Nkulunkulu wempindiselo,Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.
2. Phakama, Mahluleli womhlaba,uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.
3. Jehova, koze kube nini ababi,koze kube nini ababi bethaba na?
4. Bayampompoza,bakhuluma amagangangozi;bayazidla bonke abenza okubi.
5. Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,nefa lakho balinyathela phansi.
6. Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,nezintandane bayazibulala.
7. Bathi: “UJehova akaboni,uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”
8. Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;nani ziwula, niyakuqonda nini na?
9. Owenza indlebe kanakuzwa na?Owadala iso kanakubona na?
10. Othethisa abezizwe,yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?