Amahubo 94:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nkulunkulu wempindiselo,Jehova, Nkulunkulu wempindiselo, vela ukhanye.

2. Phakama, Mahluleli womhlaba,uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.

3. Jehova, koze kube nini ababi,koze kube nini ababi bethaba na?

4. Bayampompoza,bakhuluma amagangangozi;bayazidla bonke abenza okubi.

5. Isizwe sakho, Jehova, bayasiphohloza,nefa lakho balinyathela phansi.

6. Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi,nezintandane bayazibulala.

7. Bathi: “UJehova akaboni,uNkulunkulu kaJakobe akanaki.”

8. Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu;nani ziwula, niyakuqonda nini na?

9. Owenza indlebe kanakuzwa na?Owadala iso kanakubona na?

10. Othethisa abezizwe,yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?

Amahubo 94