Amahubo 92:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha wena Jehova uphakeme kuze kube phakade.

9. Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.

10. Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,ngigcotshwa ngamafutha amasha.

11. Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.

12. Olungileyo uyahluma njengesundu,uyakhula njengomsedari* eLebanoni.

13. Batshaliwe endlini kaJehova,bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.

14. Nasebudaleni bayakuthela izithelo,bahlume babe luhlaza,

15. ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile;uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.

Amahubo 92