1. Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;
2. ukushumayela umusa wakho ekuseni nokuthembeka kwakho ebusuku,
3. ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.
4. Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;ngiyakumemeza ngokujabula.
5. Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6. Umuntu oyisilima angekucabange,nesiwula asikuboni.