Amahubo 89:5-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu,ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

6. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na?Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?

7. UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele;umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.

8. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na?Unamandla, Jehova,nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

9. Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle;uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.

10. Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo;uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.

11. Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba;izwe nokugcwala kwalo,kukho konke ubeke isisekelo.

12. Inyakatho neningizimu wakudala wena;iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.

13. Ingalo yakho inobuqhawe,isandla sakho sinamandla,esokunene sakho siphakeme.

14. Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi;umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.

15. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo;siyahamba, Jehova,ekukhanyeni kobuso bakho.

16. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.

17. Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.

18. Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.

19. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

20. Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.

Amahubo 89