33. Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye,ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
34. Angiyikwaphula isivumelwano sami,nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.
35. Ngafunga kanye ubungcwele bami,angiyikuqamba amanga kuDavide.
36. Inzalo yakhe iyakuma phakade,isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.
37. Iyakuma phakade njengenyangananjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*
38. Kepha usumlahlile, wamala,wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.
39. Uchithile isivumelwano senceku yakho,wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.
40. Udilizile zonke izindonga zakhe,wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.
41. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga;waba yihlazo kwabakhelene naye.
42. Uphakamisile esokunene sabamelene naye,wajabulisa zonke izitha zakhe.
43. Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe,awumvumelanga ukuma ekulweni.
44. Ususile inkazimulo yakhe,wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi.
45. Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe,wamthela ngamahloni. Sela*
46. Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova,nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?
47. Khumbula ukuthi isikhathi sami singakananinokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.
48. Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa,akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela*