Amahubo 89:30-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. “Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wamibengahambi ngezahlulelo zami,

31. uma bephula izimiso zamibengagcini imiyalo yami,

32. ngiyakuhambela izono zabo ngenduku,namacala abo ngemivimbo.

33. Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye,ngingaphikisi ukuthembeka kwami.

34. Angiyikwaphula isivumelwano sami,nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula.

35. Ngafunga kanye ubungcwele bami,angiyikuqamba amanga kuDavide.

36. Inzalo yakhe iyakuma phakade,isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.

37. Iyakuma phakade njengenyangananjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela*

38. Kepha usumlahlile, wamala,wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.

39. Uchithile isivumelwano senceku yakho,wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini.

40. Udilizile zonke izindonga zakhe,wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.

41. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga;waba yihlazo kwabakhelene naye.

Amahubo 89