Amahubo 89:2-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade;ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.”

3. Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami,ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

4. “Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade,ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela*

5. Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu,ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele.

6. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na?Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?

7. UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele;umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.

8. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na?Unamandla, Jehova,nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.

9. Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle;uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.

10. Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo;uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.

11. Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba;izwe nokugcwala kwalo,kukho konke ubeke isisekelo.

12. Inyakatho neningizimu wakudala wena;iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.

13. Ingalo yakho inobuqhawe,isandla sakho sinamandla,esokunene sakho siphakeme.

14. Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi;umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.

15. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo;siyahamba, Jehova,ekukhanyeni kobuso bakho.

16. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.

17. Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.

18. Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.

19. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

20. Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.

Amahubo 89