Amahubo 89:19-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

20. Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.

21. Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa.

22. Isitha asiyikumahlula,nendodana yobubi ayiyikumhlupha.

23. Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe,ngihluphe abamzondayo.

24. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye;egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.

25. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle,esokunene sakhe phezu kwemifula.

26. Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba,unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’

27. Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyokunamakhosi omhlaba.

28. Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade;isivumelwano sami soba siqinile kuye.

29. Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade,isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.

30. “Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wamibengahambi ngezahlulelo zami,

31. uma bephula izimiso zamibengagcini imiyalo yami,

Amahubo 89