16. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.
17. Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.
18. Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
19. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.
20. Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.
21. Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa.
22. Isitha asiyikumahlula,nendodana yobubi ayiyikumhlupha.
23. Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe,ngihluphe abamzondayo.
24. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye;egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.
25. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle,esokunene sakhe phezu kwemifula.
26. Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba,unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’
27. Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyokunamakhosi omhlaba.
28. Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade;isivumelwano sami soba siqinile kuye.