Amahubo 89:11-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba;izwe nokugcwala kwalo,kukho konke ubeke isisekelo.

12. Inyakatho neningizimu wakudala wena;iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.

13. Ingalo yakho inobuqhawe,isandla sakho sinamandla,esokunene sakho siphakeme.

14. Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi;umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.

15. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo;siyahamba, Jehova,ekukhanyeni kobuso bakho.

16. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke;ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa.

17. Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo;ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama.

18. Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova;inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.

19. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi:“Ngibekile usizo eqhaweni,ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.

20. Ngifumene inceku yami uDavide,ngimgcobile ngamafutha ami angcwele.

21. Isandla sami siyakuba naye siqinile,ingalo yami iyakumqinisa.

22. Isitha asiyikumahlula,nendodana yobubi ayiyikumhlupha.

23. Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe,ngihluphe abamzondayo.

24. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye;egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe.

Amahubo 89