9. Iso lami liyafa ngosizi;ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,ngizelulela izandla zami kuwe.
10. Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*
11. Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho,nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?
12. Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni,nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
13. Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe;ekuseni umkhuleko wami uyenyukaphambi kwakho.
14. Jehova, ulahlelani umphefumulo wami,ungifihlelelani ubuso bakho na?
15. Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami;ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.
16. Ulaka lwakho olushisayo lungehlele;ukwesabisa kwakho kungiqedile.
17. Kungizungeza njengamanzi imihla yonke,kungikaka kanyekanye.
18. Isihlobo nomngane ubaxoshele kude;ubumnyama bungumhlobo wami.