Amahubo 88:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jehova Nkulunkulu wensindiso yami,ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.

2. Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho,indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

3. Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi,ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

4. Ngibalwa kanye nabashona emgodini,nginjengomuntu ofileyo.

5. Icansi lami liphakathi kwabafileyo;nginjengababuleweyo abalele ethuneni,ongasabakhumbuli,benqunyiwe esandleni sakho.

6. Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke,ebumnyameni, otweni.

7. Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho;amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*

8. Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude,wangenza ngibe yisinengiso kubo;ngivalelwe, ngingephume.

9. Iso lami liyafa ngosizi;ngikhala kuwe Jehova imihla yonke,ngizelulela izandla zami kuwe.

10. Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na?Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela*

Amahubo 88