Amahubo 87:4-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo;yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.

5. Kuyakuthiwa ngeSiyoni:“Yilo nalo wazalelwa khona;oPhezukonke uyaliqinisa.”

6. Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthilo wazalelwa khona. Sela*

Amahubo 87