Amahubo 87:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isisekelo asibekileyo sisezintabeni ezingcwele.

2. UJehova uyawathanda amasango aseSiyonikunazo zonke izindlu zikaJakobe.

3. Okudumisekayo kukhulunywa ngawe, muzi kaNkulunkulu. Sela*

4. Ngiyakubala uRahabi neBabele kulabo abangaziyo;yebo, iFilistiya neThire kanye neKushe azalelwa khona.

5. Kuyakuthiwa ngeSiyoni:“Yilo nalo wazalelwa khona;oPhezukonke uyaliqinisa.”

6. Mhla uJehova eloba izizwe uyakubala ukuthilo wazalelwa khona. Sela*

7. Abahubayo nabasinayo bathi:“Imithombo yami yonke ikuwe.”

Amahubo 87