1. Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule,ngokuba ngilusizi, ngimpofu.
2. Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho;wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.
3. Yiba nomusa kimi, Nkosi,ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.
4. Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.
5. Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
6. Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,ulalele izwi lokunxusa kwami.
7. Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,ngokuba uzakungiphendula.
8. Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;akukho okunjengemisebenzi yakho.
9. Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke,zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.
10. Ngokuba umkhulu wena,uyenza izimangaliso,unguNkulunkulu wena wedwa.
11. Ngifundise, Jehova, indlela yakho;ngiyakuhamba eqinisweni lakho;yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,yesabe igama lakho.
12. Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkuluwami, ngenhliziyo yonke yami,ngidumise igama lakho kuze kube phakade.