8. Wakhipha umvini eGibithe,waxosha abezizwe, watshala wona.
9. Wawulungisela indawo phambi kwawo,wagxila, wagcwalisa umhlaba.
10. Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo,nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.
11. Wenabisa amagatsha awo,aze afika elwandle,namaxhantela awo, aze afika emfuleni.
12. Uzidilizeleni izintango zawo,baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?
13. Ingulube yasehlathini iyawudla,nezilwane zasendle ziyawuqothula.
14. Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye;bheka usezulwini, ubone,unakekele lo mvini,
15. yebo, lo mvini otshalwe ngesokunene sakho,nendodana ozikhulisele yona.
16. Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe;bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.
17. Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho,phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona;