Amahubo 80:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu,nezitha zethu zisihleka usulu.

7. Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti,ukhanyise ubuso bakho,khona siyakusindiswa.

8. Wakhipha umvini eGibithe,waxosha abezizwe, watshala wona.

9. Wawulungisela indawo phambi kwawo,wagxila, wagcwalisa umhlaba.

10. Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo,nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.

11. Wenabisa amagatsha awo,aze afika elwandle,namaxhantela awo, aze afika emfuleni.

12. Uzidilizeleni izintango zawo,baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?

Amahubo 80