1. Yizwa, malusi ka-Israyeli,ohola uJosefa njengomhlambi,ohlezi phezu kwamakherubi;*mawubonakale ngokukhazimula.
2. Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase,uze ukusisindisa.
3. Sibuyise, Nkulunkulu,ukhanyise ubuso bakho,khona siyakusindiswa.
4. Jehova Nkulunkulu Sebawoti,koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?
5. Wabapha isinkwa sezinyembezi,wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.
6. Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu,nezitha zethu zisihleka usulu.
7. Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti,ukhanyise ubuso bakho,khona siyakusindiswa.
8. Wakhipha umvini eGibithe,waxosha abezizwe, watshala wona.
9. Wawulungisela indawo phambi kwawo,wagxila, wagcwalisa umhlaba.
10. Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo,nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.