4. umuntu uyini ukuba umkhumbule,nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
5. Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu,wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.
6. Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:
7. izimvu, nezinkomo zonke,yebo, nezilwane zasendle,
8. nezinyoni zezulu,nezinhlanzi zolwandle,nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.
9. Jehova Nkosi yethu,igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!