Amahubo 79:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyonaphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.

7. Ngokuba sebemdlile uJakobe,umuzi wakhe sebewuchithile.

8. Mawungasibaleli amacala akuqala;umusa wakho mawusheshe usihlangabeze,ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.

9. Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,ngenxa yenkazimulo yegama lakho;usikhulule, usithethelele izono zethungenxa yegama lakho.

10. Bangasholoni abezizwe ukuthi:“Uphi uNkulunkulu wabo na?”Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethuukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.

11. Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho;londoloza ngobukhulu bengaloyakho asebengabantwana bokufa.

12. Buyisela kubakhelwane bethu,kuphindwe kasikhombisa esifubeni saboinhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

13. Khona thina bantu bakho,izimvu zedlelo lakho,siyakukubonga kuze kube phakade,sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Amahubo 79