Amahubo 78:8-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Bangabi njengawoyise,isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

9. Abantu bakwa-Efrayimi,sebehlomile bephethe iminsalo,babuyela emuva ngosuku lokulwa.

10. Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

11. bakhohlwa imisebenzi yakhenezimangaliso zakhe abebabonisile zona.

12. Wazenza izimangaliso emehlweni awoyiseezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.

13. Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;wamisa amanzi njengodonga.

14. Wabahola ngefu emini,nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.

15. Waqhekeza amadwala ehlane,wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.

16. Waphumisa edwaleni izifufula,wehlisa amanzi njengemifula.

17. Nokho baqhubeka benza ukona kuye,baphambana noPhezukonke ehlane.

18. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabongokucela ukudla abakufisayo.

19. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

20. Bhekani, washaya idwala,kwaphuma amanzi,nemifula yampompoza;kepha angabanika nesinkwa,alungisele abantu bakhe inyama, na?”

21. Ngalokho uJehova ekuzwa lokhowathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

22. ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,abathembanga ensindisweni yakhe.

23. Nokho wayala amafu phezulu,wavula iminyango yezulu,

24. wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,wabapha amabele ezulu;

25. abantu badla isinkwa sezingelosi,bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

26. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

Amahubo 78