62. Wanikela abantu bakhe enkembeni,wathukuthelela ifa lakhe.
63. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;izintombi zabo azihutshelwanga.
64. Abapristi babo bawa ngenkemba;abafelokazi babo abaze balila.
65. Yayisivuka iNkosi njengokade elele,njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,
66. yazishayela emuva izitha zayo,yazithela ngehlazo eliphakade.
67. Yalahla indlu kaJosefa,ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.