57. Bahoshekela emuva,bakhohlisa njengawoyise,baphenduka njengomnsalo ogejayo.
58. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,bamcunula ngezithombe zabo.
59. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela,wamlahla impela u-Israyeli.
60. Walishiya itebernakele* laseShilo,itende abelimisile phakathi kwabantu.
61. Wanikela amandla akhe ekuthunjweni,nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.
62. Wanikela abantu bakhe enkembeni,wathukuthelela ifa lakhe.
63. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;izintombi zabo azihutshelwanga.
64. Abapristi babo bawa ngenkemba;abafelokazi babo abaze balila.
65. Yayisivuka iNkosi njengokade elele,njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,
66. yazishayela emuva izitha zayo,yazithela ngehlazo eliphakade.
67. Yalahla indlu kaJosefa,ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.