Amahubo 78:5-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,wabeka umthetho kwa-Israyeli,ayala ngawo obabaukuba bafundise abantwana babo,

6. ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,abantwana abayakuzalwa,bavuke, batshele abantwana babo,

7. babeke ithemba labo kuNkulunkulu,bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,kepha bagcine imiyalo yakhe.

Amahubo 78