49. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,ngokuthuma izithunywa zobubi.
50. Walungisela intukuthelo yakhe indlela;akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.
51. Washaya amazibulo onke aseGibithe,okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.
52. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;wabahola ehlane njengomhlambi.
53. Wabahola kahle, abaze besaba;kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.
54. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.
55. Waxosha abezizwe phambi kwabo;edabula izwe wababela ifa,wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
56. Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,abaze bagcina imiyalo yakhe.
57. Bahoshekela emuva,bakhohlisa njengawoyise,baphenduka njengomnsalo ogejayo.
58. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,bamcunula ngezithombe zabo.
59. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela,wamlahla impela u-Israyeli.
60. Walishiya itebernakele* laseShilo,itende abelimisile phakathi kwabantu.
61. Wanikela amandla akhe ekuthunjweni,nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.
62. Wanikela abantu bakhe enkembeni,wathukuthelela ifa lakhe.
63. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;izintombi zabo azihutshelwanga.